"Mary Memela!

Mary Memela siyakumemeza!!Siyak' memeza nom' usuthule;Usuthule ungase nakusiphendula;Siyawuzwa umphefumulo wakhoPhakathi kweth' uyesabela, uyenanela Ngamagalelo akho ayesabeka,uyesabeka!

Mbokodw' emnyama bhuqe, Sibindis'kamashayabhuqe Ngokushaya aze abhuqe;Ongath' imhlophe lembokodw' uyayibhuqa, Nzalabantu yesizwe s'kaPhunga noMageba.

Nyaw' olwanyathela ngesizotha nangenhloniphoEmagceken' akwaZulu, Ngobukhosi buka Bhekuzulu Nyangayezizwe. Ungumlom' ongowesilomo ngobugag'uyadala, Ubugagu bokweth' amagam' akhulumay'amadodana.Wameth' elika Engelberth Zulu OkukaKhokhomkhulu wakhe iLemb' eleqamanye ngokukhaliphaKunyakana nay' ezakunethezeka.

Impela ngiqinisile Uma ngithi, ungumlom' ongowesilomo ngobugag'uyadala, Ubugagu bokweth'amagam' akhulumay'amadodana.Wameth' elika Emmanuel NgcoboWameth' elikaDenise Ngcobo.

Siyakumemeza lapho ukhona,Ukuba ucishis' oMaHlabisa noMaMkhize Ukuba ucebise oMaBhengu noMaMadlala Ngawakho amaceb' anqala mthomb' ogobhozayo, Gobhoz' ugobhozele nabazukulu bakho oZamokokuhle noMxolisi, isizwe sibabhekile.

uZithulele akaz'thulele Welcome umfo ka Mkhize uyibambe kwashunqh' uthul'umzukulu, Uyifuna kuwo amadokod' akomzukwane;Lendaba ufun'ukuyoyithamundel' isizukulwane, Akufun' ukuy' bikel' amagwabab' echobana,Eyokuthi qhawekazi lakithi, wazalwa onyakeni ka-1924, Aliphezi ukubizwa elakho Igama.Uyibambe phansi noSimthembile Cele, Uyibambe phezulu noLuyanda Khawula, Uyibambe phansi no Scelo Dlamini.

Mary Memela siyakumemeza!!Siyak' memeza nom' usuthule, Usuthule ungase nakusiphendula, siyawuzwa umphefumulo wakho phakathi kweth' uyesabela, uyenanela ngamagalelo akho ayesabeka, uyesabeka!"

By: Shayimamba da poet